Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 21:17 - IsiZulu 2020

17 UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.

Gade chapit la Kopi




Johane 21:17
40 Referans Kwoze  

UJesu waphendula, wathi: “Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: iqhude ngeke likhale, ungakangiphiki kathathu.”


Masinyane laselikhala iqhude okwesibili. UPhethro wayeselikhumbula izwi alisho uJesu kuye, ethi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu.” Waqhumuka wakhala.


Siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze, yingakho sikholwa ukuthi wavela kuNkulunkulu.”


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube wusuku lokuhlengwa.


UNkulunkulu owazi izinhliziyo, wabafakazela ngokubapha uMoya oNgcwele njengathi.


Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.


“Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami.


Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.


Bathandekayo, le ncwadi ngeyesibili enginilobela yona, ngizama kuyo ukuvusa ingqondo yenu ngokunikhumbuza,


enithokoza kakhulu ngalokho, nakuba manje nidatshukiswa yizilingo ezinhlobonhlobo,


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, wazi izinhliziyo zabantu bonke, sikhombise ukuthi ngubani omkhethileyo kulaba ababili,


UPhethro wabuye waphika; masinyane lakhala iqhude.


Ngakho-ke uJesu ekwazi konke okuzakumehlela, waphuma, wathi kubo: “Nifuna bani na?”


Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuba nami njalo.”


“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’


Ngokuba akuveli enhliziyweni yayo ukuhlupha, nokudabukisa abantwana babantu.


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.


Wayesethi ku-Eliya: “Kodwa ngikone ngani wena muntu kaNkulunkulu? Uze lapha ukuba uzongikhumbuza isono sami nokuba kufe indodana yami na?”


“Simakade, Nkulunkulu wonkulunkulu! USimakade, uNkulunkulu wonkulunkulu uyazi, no-Israyeli makazi! Uma kungukuhlubuka noma kungukwephula ukholo kuSimakade, ningasiyekeli sisinde namuhla,


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


“UDavide angabuye athini kuwe na? Wena uyayazi inceku yakho, Nkosi Simakade.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona, kodwa uma usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, futhi akuyise lapho ungathandi khona.


“UDavide angenezela ngokuthini kuwe ngodumo inceku yakho elwenzelweyo na? Wena uyayazi inceku yakho.


UJesu wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze nayo lapha.”


“Lokho-ke kwenzeka kwaze kwaba kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite