Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 20:26 - IsiZulu 2020

26 Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakaJesu besendlini noThomase ekhona, uJesu wangena iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo. UJesu wafika iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Kwathi emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe bengaphakathi futhi, noTomase enabo; uJesu wafika, iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kwathi emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe bengaphakathi futhi, noTomase enabo; uJesu wafika, iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.

Gade chapit la Kopi




Johane 20:26
14 Referans Kwoze  

Kwathi kusihlwa, ngalolo lusuku lokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi babekhona ngenxa yokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kini.”


UJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kini. Njengalokhu uBaba engithumile Mina, nami ngiyanithuma nina.”


“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.


Kwathi cishe emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili ekukhulumile lokho, wathatha uPhethro, uJohane, noJakobe; wenyukela nabo entabeni ukuba ayokhuleka.


Sekwedlule izinsuku eziyisithupha, uJesu wathatha uPhethro, uJakobe, noJohane umfowabo, wenyukela nabo entabeni ende, bebodwa.


Yebo, izintaba zingasuswa, namagquma azanyazanyiswe, kodwa umusa wami awuyukusuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyukususwa,” kusho uSimakade okuhawukelayo.


Simakade, uzosenzela ukuthula, ngokuba yonke imisebenzi yethu siyenzelwe nguwe.


Kungenjalo, masithandele kimi ukuze sivikeleke, masibe nokuthula nami, masenze ukuthula nami.”


Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile.


Kuthe besakhuluma ngalezi zinto, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.”


Khona uThomase okuthiwa nguDidimu, wathi kwabanye abafundi ababenaye: “Masihambe nathi, ukuze sife kanye naye!”


Sekwedlule lokho, uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi bakhe ngasolwandle iThibheriya. Wazibonakalisa kanje:


Lokhu kwase kungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo.


Emva kokuhlupheka kwakhe, wazibonakalisa kubo ephilile ngobufakazi obuningi, eziveza kubo ngalezi zinsuku ezingama-40, ekhuluma nabo ngombuso kaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite