Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 19:42 - IsiZulu 2020

42 Ngakho-ke ngenxa yokuthi kwakulusuku lwabaJuda lokulungisela iSabatha, bambeka kulelo thuna uJesu ngoba laliseduze.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Bambeka lapho-ke uJesu ngenxa yolokulungisela lwabaJuda, ngokuba ithuna laliseduze.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

42 Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze.

Gade chapit la Kopi




Johane 19:42
10 Referans Kwoze  

Ngakho-ke abaJuda, lokhu kwakulusuku lokulungisela, nokuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngenxa yokuba isabatha kwakulusuku olukhulu, bacela kuPilatu ukuba kwephulwe imilenze yababethelweyo, bese besuswa.


Kwakulusuku lokulungiselela iPhasika, cishe sekuyihora lesithupha. UPilatu wathi kubaJuda: “Nansi-ke, inkosi yenu.”


Ngakuleyo ndawo ayebethelwe khona kwakunensimu, kukhona ithuna elisha kuyo, okungakaze kubekwe muntu kulo.


Babeka ithuna layo kanye nababi; ekufeni yayinabenza okubi, noma ingenzanga ndluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo.


nimbelwe kanye naye ngombhabhadiso, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.


nokuthi wambelwa, wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,


Kwathi sebekufeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni.


AbaJuda abaningi basifunda lesi saziso, ngokuba indawo lapho ayebethelwe khona uJesu yayiseduze nomuzi. Kwakulotshwe ngesiHebheru, ngesiRoma, nangesiGriki.


Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite