Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 19:20 - IsiZulu 2020

20 AbaJuda abaningi basifunda lesi saziso, ngokuba indawo lapho ayebethelwe khona uJesu yayiseduze nomuzi. Kwakulotshwe ngesiHebheru, ngesiRoma, nangesiGriki.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Khona abaningi babaJuda bafunda leso saziso; ngokuba indawo leyo, lapho uJesu wabethelwa khona esiphambanweni, yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Leso saziso abaningi kubaJuda basifunda, ngokuba indawo lapho uJesu ayebethelwe khona yayiseduze nomuzi, futhi kulotshiwe ngesiHeberu, nangesiGreki, nangesiLatini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Leso saziso abaningi kubaJuda basifunda, ngokuba indawo lapho uJesu ayebethelwe khona yayiseduze nomuzi, futhi kulotshiwe ngesiHeberu, nangesiGreki, nangesiLatini.

Gade chapit la Kopi




Johane 19:20
11 Referans Kwoze  

Wayesebahlanganisela endaweni ebizwa ngesiHebheru ukuthi iHarmagedoni.


Kwathi sonke sesiwe phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi ngolimi lwesiHebheru: ‘Sawula, Sawula, ungihluphelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’


Sebezwa ukuthi ukhuluma nabo ngolimi lwesiHebheru, bathula bathi du. Wayesethi:


Esemvumele, uPawula wema esikhwelweni, wathulisa abantu ngesandla. Kwase kuthula kuthi cwaka, wayesekhuluma ngolimi lwesiHebheru, ethi:


Lapho esezongeniswa enkanjini, uPawula wathi enduneni yenkulungwane: “Ngabe ngivunyelwe yini ukuba notho engilushoyo kuwe na?” Yona yathi: “Uyasazi yini isiGriki na?


Ngakho-ke uPilatu esezwile lawo mazwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu. Wahlala esihlalweni sokwehlulela endaweni okuthiwa: “EGandaywe Ngamatshe,” ngesiHebheru okuthiwa iGabhatha.


Kwakukhona-ke eJerusalema, ngaseSangweni Lezimvu, ichibi ngesiHebheru elibizwa ngokuthi iBhethzatha, linemipheme emihlanu.


Sinenkosi esibusayo, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHebheru kungu-Abhadoni, kodwa ngesiGriki ingu-Apholiyoni.


Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.


Kwakukhona nombhalo phezu kwekhanda lakhe, othi: LO YINKOSI YABAJUDA.


Ngakho-ke ngenxa yokuthi kwakulusuku lwabaJuda lokulungisela iSabatha, bambeka kulelo thuna uJesu ngoba laliseduze.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite