Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 18:36 - IsiZulu 2020

36 UJesu waphendula, wathi: “Umbuso wami akusiwo owaleli lizwe. Uma umbuso wami ubungowaleli lizwe, izikhonzi zami beziyakungilwela ukuze nginganikelwa kubaJuda. Kepha manje umbuso wami akusiwo owalapha.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe. Uma umbuso wami ubungowaleli zwe, izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda. Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe.

Gade chapit la Kopi




Johane 18:36
14 Referans Kwoze  

Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele;


Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, ukuze bambeke abe yinkosi, wathi nyelele, futhi waya yedwa entabeni.


Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.


“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu onika ukuphila kukho konke, naphambi kukaKhristu uJesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPhontiyu Pilatu,


Ucabanga ukuthi bengingecele yini kuBaba angithumelele amaviyo ezingelosi angaphezu kwali-12 na?


Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Kepha uJesu wathi kuye: “Mngani, ngubani ongibeke ukuba ngibe ngumehluleli noma ngumabi wefa lakwenu na?”


Nina nahlulela ngokwenyama, kodwa Mina angehluleli muntu.


UPilatu waphendula, wathi: “Kanti ngingumJuda yini mina na? Isizwe sakini nabaphristi abakhulu bakulethe kimi; pho wenzeni na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite