Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 18:12 - IsiZulu 2020

12 Isigejane samabutho, induna yenkulungwane, nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Khona iviyo nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Khona iviyo nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha.

Gade chapit la Kopi




Johane 18:12
17 Referans Kwoze  

UJuda esetholile isigejana samabutho, izikhonzi zabaphristi abakhulu, nabaFarisi, wahamba nabo baya kuleyo ndawo, bephethe izihlonti, izibani nezikhali.


Labo ababembambile uJesu bamyisa kuKhayifase, umphristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona izazimthetho namalunga.


Lapho esezongeniswa enkanjini, uPawula wathi enduneni yenkulungwane: “Ngabe ngivunyelwe yini ukuba notho engilushoyo kuwe na?” Yona yathi: “Uyasazi yini isiGriki na?


Kuthe sebefuna ukumbulala, kwafika izwi enduneni yenkulungwane elithi lonke iJerusalema liyaphithizela.


Base bembamba, bahamba naye, bamyisa endlini yomphristi omkhulu. UPhethro walandela ekude.


Masinyane, ekuseni, abaphristi abakhulu, amalunga, izazimthetho nomkhandlu wonke bakha icebo, base bembopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.


Base bemhola uJesu, bamyisa kumphristi omkhulu, kwabuthana bonke abaphristi abakhulu, amalunga nezazimthetho.


Bambopha, bahamba naye, bamnikela kuPilatu, umbusi.


AmaFilisti ambamba, amkhipha amehlo, amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga ethusi. Wagwedla isigayo ejele.


Sebefike kuleyo ndawo uNkulunkulu ayemtshele ngayo, u-Abhrahama wakha i-althare, wabeka izinkuni phezu kwalo. Wayibopha indodana yakhe u-Isaka, wayibeka phezu kwezinkuni e-althare.


Kuthe sekusuke esinamathambo, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawula bangahle bamenzakalise, yayisiyala amabutho ukuba ehle, amsuse phakathi kwabo, amyise enkanjini.


USimakade unguNkulunkulu, usikhanyisele, hlobisani umkhosi ngamahlamvu, kuze kube sezimpondweni ze-althare.


Wazivalela endlini yenduna yabalindi benkosi, zafakwa ejele, lapho kwakuvalelwe khona uJosefa.


Amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, ayeseqoqela kuye iviyo lonke lamabutho.


Kwakukhona indoda ethile eKhesariya, igama layo kunguKhorneliyu, iyinduna yekhulu yebutho okuthiwa elase-Ithaliya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite