Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 17:19 - IsiZulu 2020

19 Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Nangenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Nangenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.

Gade chapit la Kopi




Johane 17:19
24 Referans Kwoze  

Ngokuba ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo bonke bavela koyedwa. Yingakho engenamahloni okubabiza ngokuthi ngabafowethu,


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.


ngibhalela ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte, kwabangcwelisiwe kuKhristu uJesu, ababiziweyo ukuba babe ngcwele. Ngibhalela nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ezindaweni zonke abakuzo:


Ngakho-ke ngibekezelela konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKhristu uJesu, nenkazimulo yaphakade.


Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga emanyaleni, kodwa wasibizela ebungcweleni.


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.


Ngokuba konke kwenzelwe nina, ukuze umusa ngesikhathi wenabela kubantu abaningi, kwande ukubonga kwabo, kube ludumo kuNkulunkulu.


Kungenjalo wayemelwe ukuhlupheka ngokuphindiweyo selokhu kwasekelwa umhlaba, kepha manje ubonakaliswe kwaba kanye ekupheleleni kwezikhathi, ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.


Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza labo abangcolileyo, kuhlambulula kuhlanzeke ngokwenyama,


Ngenxa yeZiyoni angiyukuthula, nangenxa yeJerusalema angiyukuphumula, kuze ukulunga kwalo kuphume njengokukhanya, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.


Ngalokho-ke isivumelwano sokuqala asimiswanga ngaphandle kwegazi.


pho ningakhuluma kanjani ngalowo amehlukanisa wamthumela emhlabeni, ukuthi uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu’ na?


“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.”


Nina senihlanzekile ngenxa yezwi engilikhulume kini.


Akekho onothando olwedlula olokuba umuntu adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangani bakhe.


“Angiceleli laba bodwa, kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo,


Ngokuba uma bengizincoma ngani kuye, angidumazekanga, njengalokhu konke esanitshela khona kuyiqiniso, ngakho nokunincoma kwethu kuThithu kutholakale kuyiqiniso.


elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke, lithela izithelo, landa, njengalokhu kwenzeka naphakathi kwenu, kusukela ngosuku enalizwa ngalo, nawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,


Bonke abanalelo themba kuye, bayazihlambulula, njengokuba Yena ehlambulukile.


Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangokukhuluma nje, kodwa makubonakale ngezenzo nangeqiniso.


iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka, ukuze kube ngumnikelo wokushiswa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite