Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 16:33 - IsiZulu 2020

33 “Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 “Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.

Gade chapit la Kopi




Johane 16:33
46 Referans Kwoze  

“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.


Konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe, lokhu kungukunqoba okunqobe izwe: ukukholwa kwethu.


Sengathi iNkosi yokuthula uqobo inganipha ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.


Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni.


Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu.


Melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko ziyabehlela nabazalwane benu abasemhlabeni.


“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.


Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu bekuKhristu uJesu, bayakuzingelwa.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze okwesikhashana esonweni,


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Ngakho-ke bazalwane, kulo lonke usizi nobunzima esasibhekene nakho, sagqugquzeleka ngani ngokukholwa kwenu.


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


nokuba ngayo abuyisane nakho konke, esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini.


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wobubele bonke, uNkulunkulu wenduduzo yonke,


Elokugcina bazalwane, thokozani, nihlumeleleke, nigqugquzeleke, nibe namqondo munye, futhi nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Nalapho sisenani, sanitshela kungakenzeki ukuthi siyakuhlushwa, njengokuba kwenzeka, futhi niyazi.


Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.


Ngineqholo ngani, nginokuzigabisa okukhulu ngani, ngigcwele ukugqugquzeleka, futhi ngichichima intokozo phezu kosizi lonke olusikhungethe.


“Ngakho-ke yimani isibindi, madoda, ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengokuba ekhulumile kimi.


Lokhu kuyakuba ngukuthula: kuyakuthi lapho i-Asiriya litheleka ezweni lethu, linyathela ezinqabeni zethu, simelane nalo ngabelusi abayisikhombisa nangezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.


Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho, nakulabo abebehlubukile, ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.


owazinikela ngenxa yezono zethu ukuze asisindise kulesi sikhathi samanje esibi ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu.


Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.


Manje sekungukwehlulelwa kwalo mhlaba. Manje-ke umbusi walo mhlaba uzakuxoshwa.


“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”


Manje ngiyaneluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuzukufa namunye phakathi kwenu, kodwa umkhumbi kuphela.


sithi: “Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi, ukuthula ezulwini nenkazimulo kweliphezulu!”


Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengokuba ufakaze ngami eJerusalema, kanjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”


u-Abhrahama wamabela okweshumi kukho konke, yena ogama lakhe okokuqala uma lihunyushwa lisho ukuthi inkosi yokulunga, bese kuba yinkosi yaseSalema, okuchaza ukuthi inkosi yokuthula.


ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli lizwe wahlulelwe.


Base beletha kuye umuntu ofe uhlangothi, elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo, wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana, uthethelelwe izono zakho.”


Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi.


Kepha kukho konke sizibonakalisa sinjengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, osizini, ekwesweleni, ekubandezekweni,


Ngilobela nina boyise, ngokuba niyamazi Yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi.


ukuze lezo zizukulwane zabakwa-Israyeli ezilandelayo zikwazi ukulwa, kufundiswe lezo ezingakaze ziyazi impi phambilini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite