Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 16:30 - IsiZulu 2020

30 Siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze, yingakho sikholwa ukuthi wavela kuNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Kalokhu siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Kalokhu siyazi ukuthi wazi zonke izinto, futhi awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuthi waphuma kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kalokhu siyazi ukuthi wazi zonke izinto, futhi awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuthi waphuma kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Johane 16:30
12 Referans Kwoze  

UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Ngokuba amazwi ongiphe wona, ngibaphile wona, bawamukela; bazi impela ukuthi ngavela kuwe, futhi bakholwa ukuthi ngithunywe nguwe.


Abanye babafundi bakhe babuzana bodwa, bathi: “Ngabe uqonde ukuthini uma ethi kithi: ‘Kusazokuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana, ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba’ na?”


Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo. Uyakuyikhombisa ngisho imisebenzi emikhulu kunale, ukuba nimangale.


Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaSimakade elisemlonyeni wakho, liyiqiniso.”


Lesi kwakuyisibonakaliso sokuqala uJesu asenza eKhana eGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe. Abafundi bakhe bakholwa nguye.


UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyakungithanda Mina, ngokuba ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa nguye ongithumileyo.


Ngalolo suku aniyukungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, uyakuninika yona.


Ngalolo lusuku niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela kuBaba.


UJesu waphendula, wathi: “Seniyakholwa manje na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite