Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 16:27 - IsiZulu 2020

27 Ngokuba uBaba luqobo uyanithanda, lokhu nina ningithandile, nakholwa ukuthi Mina ngavela kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Johane 16:27
26 Referans Kwoze  

“Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Mina ngikubo, nawe ukimi, baze bapheleliswe ebunyeni, ukuze umhlaba wazi ukuthi Wena ungithumile, nabo wabathanda njengalokhu ungithandile.


enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo,


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu!


UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyakungithanda Mina, ngokuba ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa nguye ongithumileyo.


Thina siyathanda, ngokuba nguYena owasithanda kuqala.


Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa;


Siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze, yingakho sikholwa ukuthi wavela kuNkulunkulu.”


“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Khristu ngothando olungapheliyo.


USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”


ngokuba iNkosi iyamyala emthandayo, ishaye leyo naleyo ndodana eyamukelayo.”


Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo.


Kepha lapho sesifikile isikhathi esimisiweyo, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,


Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.


Phela lokho okwakwehlula umthetho, ngokuba inyama yemvelo iwuthene amandla, uNkulunkulu wakwenza ngokuthumela iNdodana yakhe inesimo somzimba wesono, ukuze ibhekane ngqo nesono, sinqotshwe isono enyameni,


Ngiyamazi Mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.”


Akekho noyedwa owenyukele ezulwini, ngaphandle kwalowo owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.


Lesi kwakuyisibonakaliso sokuqala uJesu asenza eKhana eGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe. Abafundi bakhe bakholwa nguye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite