Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 16:20 - IsiZulu 2020

20 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kodwa usizi lwenu luyakuba yintokozo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile, kepha izwe liyakujabula;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile, kepha izwe liyakujabula;

Gade chapit la Kopi




Johane 16:20
44 Referans Kwoze  

Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela,


Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.


njengabadabukileyo, kodwa sithokoza njalo, njengabampofu, kepha sibe sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.


Yena wahamba wayobabikela bonke labo ababehamba noJesu, ababelila, bekhala.


Ngokuba ngizobahlumelelisa abadangeleyo, ngibaqinise abaphelelwa ngamandla.”


Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.


Thina-ke besethembile ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli. Kepha sekuwusuku lwesithathu zenzekile zonke lezi zinto.


Ukulila kwami ukuphendule ijadu, wangikhumula ingubo yesaka, wangembathisa injabulo,


Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni.


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,


Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu, esamukeliswe ngayo ukubuyisana.


Wayesethi kubo: “Zindaba zini lezi enihamba nizidingida na?” Base bema bedangele.


Kwakulandela isixuku esikhulu, kukhona nabesifazane ababemkhalela, bekhihla isililo.


ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.


kube ngangalokho elizidumise latamasa ngakho, ligidlabezeni ngokuhlupheka nokulila. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihleli ngiyindlovukazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngakubona ukulila.’


Abakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelelane izipho, ngokuba laba baphrofethi ababili bebahluphile abakhileyo emhlabeni.


Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama.


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”


Ngokuba ngikhulume lokhu kini, inhliziyo yenu isigajwe wusizi.


Waphumela phandle, wakhala kalusizi.


Esesukumile ekukhulekeni, waya kubafundi bakhe, wabafica belele, ngokuba babedabukile kakhulu.


Nibusisiwe nina enilambileyo manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba niyakuhleka.


Masinyane laselikhala iqhude okwesibili. UPhethro wayeselikhumbula izwi alisho uJesu kuye, ethi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu.” Waqhumuka wakhala.


Lalelani izwi likaSimakade nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Izihlobo zenu ezinizondayo, ezinivalela ngaphandle ngenxa yegama lami, zishilo zathi: ‘Makadunyiswe uSimakade, ukuze sibone intokozo yenu,’ kodwa zona ziyojabhiswa.


Ngalolo lusuku uyothi: “Ngiyakubonga, Simakade, ngokuba ubungithukuthelele, kodwa intukuthelo yakho uyinqandile, wangiduduza.


Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.


ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?


Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele,


Esekushilo lokho wabakhombisa izandla zakhe nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi lapho beyibona iNkosi.


“Kepha abalimi, beyibona indodana yakhe, bakhuluma bodwa, bathi: ‘Le yindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite