Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:7 - IsiZulu 2020

7 Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.

Gade chapit la Kopi




Johane 15:7
24 Referans Kwoze  

zithokozise ngoSimakade, khona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho.


Yilesi isibindi esinaso kuye sokuthi uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.


Noma yini eniyakuyicela egameni lami, ngiyakuyenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.


nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye.


Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.


“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.


Ngalolo suku aniyukungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, uyakuninika yona.


Kepha ngithi: hambani ngoMoya, khona aniyukuzifeza izinkanuko zemvelo yenu eyonakeleyo.


Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi, nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Simakade Nkulunkulu Wamabandla.


Akwesabayo omubi kuyamehlela, kodwa abakufisayo abalungileyo bayakuphiwa khona.


Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.


Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla mawahlale enhliziyweni yakho.


Nginilobele, bantwanyana, ngokuba niyamazi uYise. Nginilobele, boyise, ngokuba niyamazi Yena okhona kusukela kwasekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla; izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi.


Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


wangifundisa, wathi, kimi: “Inhliziyo yakho mayibambelele emazwini ami, ugcine imiyalelo yami, uphile.


Ngalokho uyothokoza ngoSomandla, ubuso bakho ubuphakamisele kuNkulunkulu.


Ngiyazi ukuthi ningabolibo luka-Abhrahama, kodwa nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami alinandawo kini.


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.


Iphansi komqaphi nomphathi, kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise phambilini.


EseGibheyoni uSimakade wabonakala kuye ngephupho ebusuku, uNkulunkulu wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.”


Ngakho-ke uJesu wakhuluma kubaJuda abase bekholwa kuye, wathi: “Uma nimi esifundisweni sami, ningabafundi bami uqobo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite