Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:24 - IsiZulu 2020

24 Ukuba bengingayenzanga imisebenzi phakathi kwabo, engazange yenziwe muntu omunye, ngabe abanasono; kepha manje bayibonile, bangizonda Mina kanye noBaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;

Gade chapit la Kopi




Johane 15:24
36 Referans Kwoze  

UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na?


“Kepha nginobufakazi obedlula obukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, le misebenzi engiyenzayo, iyafakaza ngami ukuthi nguBaba ongithumileyo;


Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi.


UJesu wathi kubo: “Nginikhombisile imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yiwona muphi eningikhandela wona ngamatshe na?”


Selokhu kwathi nhlo, akukaze kuzwakale ukuthi ukhona owake wavula amehlo omuntu ozelwe eyimpumputhe.


Kepha abaningi esixukwini bakholwa nguye, bathi: “Ngabe uKhristu nxa esefikile uyakwenza izimangaliso eziningi ezedlula azenzileyo lo na?”


Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


Kuthe selikhishiwe idimoni, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Hawu, akukaze kubonwe okunje kwa-Israyeli!”


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngijezisela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.


abangabakhapheli, abanamawala, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,


Banyembenya abanye, bazonda uNkulunkulu; bayizidlova, bayazidla, bayazigabisa, bangabaqambi bokubi, nabangabalaleli abazali;


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,


Obona Mina ubona ongithumileyo.


Kepha nginitshelile ngathi: ningibonile, kodwa anikholwanga.


Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi: “NgoJesu waseNazaretha, obengumphrofethi onamandla ngezenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke,


Wayesevuka, wathatha uhlaka lwakhe masinyane, waphuma phambi kwabo bonke. Bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Asikaze sikubone okunje.”


Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kodwa abathelisi nezifebe bakholwa nguye. Kepha nina, nakuba nikubona akwenzileyo, aniguqukanga nakamuva ukuba nikholwe nguye.”


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”


Abazonda uSimakade bayakuzithoba kuye, ukubhujiswa kwabo kube phakade.


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Kepha abaphristi abakhulu benza uzungu lokuba babulale noLazaru,


UJesu wathi kubo: “Uma beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha lokhu nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sikinina.”


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


Uma bengingezanga, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono. Kepha manje abanazaba ngesono sabo.


Ozonda Mina, uzonda noBaba.


Mayelana nesono, ngokuba bengakholwa yimi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite