Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:19 - IsiZulu 2020

19 Ukuba beningabezwe, izwe belizakunithanda ngokuba ningabalo, kodwa lokhu ningesibo abalo, kodwa nganikhetha Mina ezweni, kungakho izwe linizonda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Uma beningabezwe, izwe belizothanda okwalo, kepha ngokuba ningesibo abezwe, kodwa nganikhetha mina ezweni, ngalokho izwe liyanizonda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uma beningabezwe, izwe belizothanda okwalo, kepha ngokuba ningesibo abezwe, kodwa nganikhetha mina ezweni, ngalokho izwe liyanizonda.

Gade chapit la Kopi




Johane 15:19
19 Referans Kwoze  

Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.


kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.


“Uma nithanda abanithandayo, niyakutuswa ngani na? Ngokuba nezoni ziyabathanda abazithandayo.


Ngokuba isikhathi esedlule sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe, ukuphila ngamanyala edlulele, ngezinkanuko, ngokudakwa, ngokuminza, ngokuxokozela nangokukhonza izithombe okuyichilo.


Udrago wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kodwa oqiniselayo kuze kube sekupheleni, uyakusindiswa.


“Ngaleso sikhathi bayakunikhaphela osizini, banibulale, nizondwe yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


UJesu wabaphendula, wathi: “Anginikhethanga yini nina enili-12 na? Kepha omunye wenu ungusathane.”


“Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite