Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:14 - IsiZulu 2020

14 Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.

Gade chapit la Kopi




Johane 15:14
19 Referans Kwoze  

Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini, ungumfowethu nodadewethu nomame.”


Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba siyigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayinzima.


Kwagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.” Wayesebizwa ngokuthi ungumngani kaNkulunkulu.


“Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”


“Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami.


“Kepha ngithi kini, bangani bami: ningabesabi ababulala umzimba, bengenakwenza lutho okunye emva kwalokho.


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, wozalo luka-Abhrahama umngani wami,


Unina wayesethi ezincekwini: “Yenzani noma yini azakunitshela yona.”


“Nizwile, nganitshela ngathi: ngiyahamba, kodwa ngiyakubuya ngize kini. Uma ningithanda beniyojabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami.


Wena Nkulunkulu wethu awuxoshanga yini phambi kwabantu bakho, u-Israyeli, ababakhe kuleli lizwe, walinika abozalo luka-Abhrahama, umngani wakho, kuze kube phakade na?


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


Umuntu wabangani uzilimaza yena, kodwa umngani weqiniso uyanamathela ukwedlula izelamani.


UMose no-Aroni benza njengalokhu uSimakade ayebayalile.


Wayesehla waya esibuyeni, wafike wenza njengalokhu uninazala emyalile.


u-Azariya, indodana kaNathani, owayengamele zonke izikhulu; uZabudi, indodana kaNathathi, owayengumphristi nomngani wenkosi


Wabambelela kuSimakade akaze achezuka ekumlandeleni, wagcina imiyalo uSimakade ayeyale ngayo uMose.


Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.


Ngenza kanjalo njengoba ngangiyaliwe. Ngawukhipha umthwalo wami emini kwabha, njengomthwalo wokuya ekuthunjweni. Kuthe kusihlwa ngagebhula ugange ngesandla, kwathi lapho sekumnyama, ngawukhipha umthwalo wami, ngawetshatha ehlombe, ngahamba bengibuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite