Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:12 - IsiZulu 2020

12 “Yilo umyalo wami wokuba nithandane njengalokho nami nginithandile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.

Gade chapit la Kopi




Johane 15:12
16 Referans Kwoze  

Yebo, wasinika lo myalo, uvela kuNkulunkulu, masiwugcine. Lo myalo uthi othanda uNkulunkulu, makamthande nomzalwane wakhe.


“Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani-ke thandanani.


Kunalokho yibani nokuthandana okungapheliyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.


Yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Khristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.


Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni,


nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu.


Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe.


Kepha mayelana nothando lobuzalwane anidingi ukuba nilotshelwe ngalokho, ngokuba nina luqobo nifundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane.


iNkosi ilwandise luchichime uthando lwenu, nithandane, futhi nibathande nabanye, njengokuba nathi sinithanda,


Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba ukukholwa kwenu kuyanda kakhulu, kanjalo futhi luyanda nothando lwenu nonke enithandana ngalo omunye nomunye.


“Nginithandile,” kusho uSimakade. “Kodwa nina nithi: ‘Usithande kanjani na?’ “Ngabe u-Esawu wayengeyena umnewabo kaJakobe na? kubuza uSimakade. “Ngamthanda uJakobe,


Nginiyala ngalezo zinto ukuze nithandane.”


Kepha manje ngiyakunxusa nkosikazi, kungekungathi ngikulobela umyalo omusha, kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni owokuba sithandane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite