Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:1 - IsiZulu 2020

1 “Mina ngingumvini woqobo, uBaba ungumlimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi.

Gade chapit la Kopi




Johane 15:1
28 Referans Kwoze  

Mina ngakutshala ungumvini wekhethelo, imbewu enhle kakhulu; pho uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe na?


Ngokuba thina siyizisebenzi nje zikaNkulunkulu ezibambisene naye, nina niyinsimu yakhe, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.


Bonke abantu bakho bayakuba ngabalungileyo, badle ifa lezwe kuze kube phakade; igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.


Ngalolo lusuku ihlumela likaSimakade liyoba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyoba nodumo nobuhle ensalini ephunyukileyo yakwa-Israyeli.


Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.


Abelusi abaningi basicekele phansi isivini sami, basinyathela isabelo sami, ifa lami elinxanelekayo balenze ihlane eliyincithakalo.


Nginibhalela futhi umyalo omusha, oyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyedlula nokukhanya kweqiniso sekuvele kuyakhanya.


UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe.


“Lalelani nanku omunye umzekeliso. Kwakukhona umuntu ongumninindlu. Lo muntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba lapho isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wayeseqashisa ngaso kubalimi; waya kwelinye izwe.


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, wathela izithelo zakhe eziningi, ngokwanda kwesithelo sakhe wandisa ama-althare akhe; kwathi ngokuchuma kwezwe lakhe wenza izinsika ezingcwele.


Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: kwakungeyena uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa nguBaba onipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.


Wayesebalandisa lo mzekeliso wathi: “Umuntu othile wayetshale umkhiwane esivinini sakhe. Waya kuwo efuna isithelo sawo, kepha akafumananga lutho.


“Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu, owaphuma ekuseni ukuyoqasha izisebenzi ukuba ziye esivinini sakhe.


Masivuke ekuseni siye ezivinini, siyobona ukuthi umvini usuqhakazile, nezimbali zawo sezivulekile, nokuthi amahananadi asekhahlele. Kulapho ngiyokunikeza khona uthando lwami.


“ ‘Ake ulalele, Joshuwa, mphristi omkhulu, wena nobambisene nabo abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: niyabona-ke, sengizakuletha inceku yami, uHlumela.


Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni.


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.


“ ‘Unyoko wayenjengomvini otshalwe ngasemanzini; othela kakhulu futhi ugcwele amagatsha ngenxa yamanzi amaningi.


Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini, siyakusishulwa.


Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu.


Kepha uma amanye amagatsha anqunywa, kwase kuthi wena oyigatsha lesihlahla somnqumo wasendle wafakwa phakathi kwawo ukuze uhlanganyele engcebeni yempande yomnqumo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite