Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 14:6 - IsiZulu 2020

6 UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.

Gade chapit la Kopi




Johane 14:6
57 Referans Kwoze  

“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”


Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, aklabe edlelweni.


Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuBaba.


Kuye kwakukhona ukuphila; lokhu kuphila okungukukhanya kwabantu.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.


niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


Njengalokhu uYise evusa abafileyo, abenze baphile, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.


Lowo oweqisayo, engemi esifundisweni sikaKhristu, akanaye uNkulunkulu; kodwa ohlezi esifundisweni, unaye uYise neNdodana.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


“Mina ngingumvini woqobo, uBaba ungumlimi.


“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.


Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.”


UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa nanini.”


Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise, kodwa oyivumayo iNdodana unaye noYise.


Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha nanini, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sami.


Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti uyinkosi ngempela na?” UJesu waphendula, wathi: “Usho khona ukuthi ngiyinkosi; ngokuba ngazalelwa lokho, ngafikela lokho emhlabeni, ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”


Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla evela ezulwini, oliphayo izwe ukuphila.”


kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila.


Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngaye, kanjalo nalowo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.


Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu.


Ngalokho-ke uJesu wabuye wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.


okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, sizigabisa ngethemba lenkazimulo kaNkulunkulu.


nxa ebonakaliswa uKhristu ongukuphila kwethu, nani-ke niyakubonakaliswa kanye naye enkazimulweni.


Kulotshiwe futhi ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumuntu ophilayo. U-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.


Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.


USimoni Phethro wamphendula, wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.


ukuze njengalokhu isono sabusa ngokufa, kanjalo nomusa ubuse ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Khristu iNkosi yethu.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.


Ngase ngibona izulu livulekile: nanto ihhashi elimhlophe nogibele kulo, obizwa ngokuthi ngoThembekileyo noQinisileyo, uyahlulela, futhi ulwa ngokulunga.


Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu.


UJesu weza ngamanzi wabhabhadiswa, akubanga ngamanzi qha, kodwa kwaba nangegazi lakhe, lokhu noMoya oNgcwele uyafakaza ngalokho, ngokuba unguMoya weqiniso.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikheya loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:


okuyisithunzi nje salokhu obekuzofika, kodwa okuyikhonakhona nguKhristu.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novala kungavuli muntu, uthi:


nambulala oNgumthombo wokuphila, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, thina esingofakazi balokho.


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Ngalokho uMoya oNgcwele usicacisela kahle ukuthi indlela eya endaweni engcwelengcwele ayikabonakaliswa, inqobo nje uma kusekhona ithabanakeli lokuqala.


ukuze ngibe yisikhonzi sikaKhristu uJesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu emsebenzini ongcwele, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukelekayo, sebengcweliswe nguMoya oNgcwele.


wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, ukuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite