Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 14:28 - IsiZulu 2020

28 “Nizwile, nganitshela ngathi: ngiyahamba, kodwa ngiyakubuya ngize kini. Uma ningithanda beniyojabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Nizwile ukuthi nganitshela ngathi: Ngiyamuka, kepha ngiyabuyela kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Nizwile ukuthi ngithe kini: Ngiyamuka, futhi ngibuye ngize kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngithé: Ngiya kuBaba, ngokuba uBaba mkhulu kunami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Nizwile ukuthi ngithe kini: Ngiyamuka, futhi ngibuye ngize kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngithé: Ngiya kuBaba, ngokuba uBaba mkhulu kunami.

Gade chapit la Kopi




Johane 14:28
29 Referans Kwoze  

“Angiyukunishiya niyizintandane, kodwa ngiyakubuya ngize kini;


UJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kini. Njengalokhu uBaba engithumile Mina, nami ngiyanithuma nina.”


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha hamba uye kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso, nothunyiweyo akangaphezulu komthumileyo.


enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo,


Kepha ngithanda ukuba nazi ukuthi uKhristu uyinhloko yawo wonke amadoda, inhloko yowesifazane yindoda, nenhloko kaKhristu nguNkulunkulu.


Kepha Mina nginitshela iqiniso: kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi ngeke eze kini, kodwa uma ngihamba, ngiyakumthumela kini.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.


Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani-ke yimisebenzi, ukuze nazi futhi niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.”


Ngakho-ke ngenxa yalokhu, abaJuda babefuna kakhulu ukumbulala, ngokuba akephulanga nje isabatha, futhi wathi uNkulunkulu unguYise; ngaleyo ndlela ezenza olingana noNkulunkulu.


“Nansi inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami; umphefumulo wami uyathokoza ngaye. Ngiyakufaka uMoya wami kuye, amemezele ukwahlulelwa kwabezizwe.


Ekuhluphekeni kwayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”


“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.


Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho, nakulabo abebehlubukile, ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.


Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selehlulekile, waliqinisa.


Ngakho-ke uJesu wathi: “Kusazokuba yisikhashana nginani, bese ngibuyela kulowo ongithumileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite