Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 14:20 - IsiZulu 2020

20 Ngalolo suku niyakukwazi ukuthi Mina ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuthi ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuthi ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.

Gade chapit la Kopi




Johane 14:20
24 Referans Kwoze  

Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.”


Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.


Akekho umuntu osewake wabona uNkulunkulu. Uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.


Awukholwa yini ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi na? Amazwi engiwakhulumayo Mina kini, angiwakhulumi ngokwami; kodwa uBaba ohleli kimi wenza imisebenzi yakhe.


Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKhristu uJesu.


Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani-ke yimisebenzi, ukuze nazi futhi niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.”


Zihloleni nina, nibone ukuthi nisekukholweni yini, zivivinyeni nina. Noma anazi yini ukuthi uJesu uKhristu ukini na? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.


okuyibona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe. Le mfihlakalo inguKhristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo.


Ngalolo lusuku niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela kuBaba.


Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu.


Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo,


Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.


Ngokuba uma umuntu ekuKhristu, uyisidalwa esisha, okwakuqala kudlulile; sekuvele okusha.


Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


Ngalolo suku aniyukungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, uyakuninika yona.


Thina singumsebenzi wakhe, sidalelwe imisebenzi emihle kuKhristu uJesu, uNkulunkulu ayilungisela phambilini ukuba sihambe ngayo.


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Sebeyazi ukuthi konke ongiphe khona kuvela kuwe.


Ngiyamazi umuntu owayekuKhristu, okwathi eminyakeni eli-14 eyedlulile, noma wayesemzimbeni, angazi, noma wayengaphandle komzimba, angazi; nguNkulunkulu owaziyo; lo muntu wahlwithwa, wenyuselwa ezulwini lesithathu.


okungukuthi, uNkulunkulu ekuKhristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko, ebeka kithi izwi lokubuyisana.


Nikhonze ku-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababeyiziboshwa kanye nami, abaqavile kubaphostoli, nababekuKhristu ngaphambi kwami.


Kholwani ukuthi Mina ngikuBaba, noBaba ukimi. Uma kungenjalo, kholwani ngenxa yemisebenzi uqobo lwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite