Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 14:16 - IsiZulu 2020

16 Ngiyakucela kuBaba ukuba aniphe omunye uMduduzi ukuba ahlale kini kuze kube phakade;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade;

Gade chapit la Kopi




Johane 14:16
31 Referans Kwoze  

Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.


“Lapho esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba; uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguYena oyakufakaza ngami.


Sengathi uNkulunkulu wethemba anganigcwalisa ngenjabulo yonke, nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nichichime ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele;


Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.


Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuze ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli osimela kuYise, uJesu Khristu olungileyo.


Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKhristu, uma kukhona ukududuzeka ngothando, uma kukhona inhlanganyelo kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,


Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimphiweyo.


Abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.


Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi.


“Angiyukunishiya niyizintandane, kodwa ngiyakubuya ngize kini;


Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.


Kanti ngubani ozakulahla ngecala na? NguKhristu uJesu owafayo, yebo owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguYena osinxuselayo.


Uma nicela utho kimi egameni lami, ngiyakulwenza.


“Angiceleli laba bodwa, kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo,


Nani-ke nilusizi manje, kodwa ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; futhi akekho onganephuca intokozo yenu.


Sengathi iNkosi yethu uJesu Khristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,


Wayekusho lokho ngoMoya abazakumamukela labo abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngenxa yokuba uJesu wayengakakhazimuliswa.


Kwathi esahleli nabo, wabayala ukuba bangamuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaYise abasizwe ngaye.


Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.


ngenxa yeqiniso elihlala kithi, neliyakuhlala kithi kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite