Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 13:13 - IsiZulu 2020

13 Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi.’ Yebo, nisho kahle, ngokuba ngiyikho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ningibiza ngokuthi, Mfundisi, neNkosi; ngoba nginjalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ningibiza ngokuthi, Mfundisi, neNkosi; ngoba nginjalo.

Gade chapit la Kopi




Johane 13:13
18 Referans Kwoze  

“Ningibizelani nithi: ‘Nkosi, Nkosi,’ nibe ningakwenzi engikushoyo na?


nezilimi zonke zivume ukuthi UJESU KHRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.


Ngakho-ke ngiyanazisa ukuthi: akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Makaqalekiswe uJesu,” futhi akekho ongathi: “UJesu uyiNkosi,” ebe engaholwa nguMoya oNgcwele.


Esekushilo lokho uMartha, wahamba wayobiza uMariya, udadewabo ngasese, wathi: “UMfundisi ukhona, futhi uyakubiza.”


Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,


kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye.


Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; ingani namadimoni ayakholwa, futhi athuthumele.


Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”


USimoni waphendula wathi: “Ngicabanga ukuthi yilowo oxolelwe kokuningi.” UJesu wathi kuye: “Uyihlabe esikhonkosini.”


USimakade wayesethi kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakuqikelela ukuba izwi lami ngilifeze.”


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


UMariya owayegulelwa nguLazaru umnewabo, nguye lowo owagcoba ngamafutha iNkosi uJesu, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe.


Ngakho-ke odadewabo bathumela kuJesu, bathi: “Nkosi, bheka, umngani wakho omkhonzile uyagula.”


Nani makhosi, yenzani kanjalo ezincekwini, niyeke ukuzisongela, nazi ukuthi iNkosi yazo neyenu isezulwini, nokuthi kuyo akukho ukukhetha umuntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite