Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:42 - IsiZulu 2020

42 Nokho-ke nakuba kunjalo, ababusi abaningi bakholwa kuye, kodwa ngenxa yabaFarisi abamvumanga esidlangalaleni, funa baxoshwe esinagogeni,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;*

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

42 Nokho nabaningi bababusi bakholwa kuye; kodwa ngenxa yabaFarisi kabavumanga, hlezi baxotshwe esinagogeni;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Nokho nabaningi bababusi bakholwa kuye; kodwa ngenxa yabaFarisi kabavumanga, hlezi baxotshwe esinagogeni;

Gade chapit la Kopi




Johane 12:42
25 Referans Kwoze  

“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka.


Abazali bayo basho lokho, ngokuba babesaba abaJuda, lokhu abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma kukhona ovuma ukuthi unguKhristu, uzakunqunywa esinagogeni.


Kepha akekho noyedwa owaphumela obala wakhuluma ngaye ngenxa yokwesaba abaJuda.


Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.


“Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini.


Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.


UMoya kaNkulunkulu niyakumazi ngalokhu: bonke omoya abakuvumayo ukuthi uJesu Khristu uzelwe waba ngumuntu bangabakaNkulunkulu.


Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, avume ngomlomo wakhe kube ngukusindiswa.


Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama.


Kuthe sekwenzekile lokho, uJosefa wase-Arimatheya, owayengomunye wabafundi bakaJesu owayengazivezi ngenxa yokwesaba abaJuda, wahamba wayocela ukuba asisuse isidumbu sikaJesu. UPilatu wamvumela, wayesehamba, wasisusa isidumbu sikaJesu.


Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu.


ngokuba ngenxa yakhe, abaningi babaJuda base behlubukile bakholwa kuJesu.


Ngakho abaJuda abaningi ababeze kuMariya bebona akwenzileyo, bakholwa kuye.


Baphendula, bathi kuyo: “Wena wazalelwa esonweni ngokupheleleyo, wena usufundisa thina na?” Base beyikhiphela ngaphandle kwesinagoge.


Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


“Ngithi kini, yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.


Nibusisiwe nxa abantu benizonda, benihlulula, benithuka, belichitha igama lenu sengathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.


Lalelani izwi likaSimakade nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Izihlobo zenu ezinizondayo, ezinivalela ngaphandle ngenxa yegama lami, zishilo zathi: ‘Makadunyiswe uSimakade, ukuze sibone intokozo yenu,’ kodwa zona ziyojabhiswa.


“Ngubani owawunovalo ngaye, futhi umesaba, waze waqamba amanga; awungikhumbulanga, futhi awukufakanga enhliziyweni yakho na? Angithulanga yini kwaze kweqa, okukwenze awaba nakungesaba na?


Inkosi uZedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyabesaba abaJuda abahlubukele kumaKhaledi, funa nginikelwe kubo, bangiphathe kabi.”


UPilatu wabizela ndawonye abaphristi abakhulu, ababusi nabantu,


Kepha abaningi esixukwini bakholwa nguye, bathi: “Ngabe uKhristu nxa esefikile uyakwenza izimangaliso eziningi ezedlula azenzileyo lo na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite