Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:32 - IsiZulu 2020

32 Mina-ke, uma sengiphakanyisiwe emhlabeni, ngiyakudonsela kimi bonke abantu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Mina-ke, uma ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Mina-ke, uma ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.

Gade chapit la Kopi




Johane 12:32
23 Referans Kwoze  

Ngakho-ke wathi kubo: “Uma seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, kulapho-ke niyakukwazi ukuthi nginguye, nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu engikufundiswe nguBaba.


Njengalokhu uMose wayiphakamisa inyoka ehlane, kanjalo neNdodana yomuntu imele ukuphakanyiswa,


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


Akekho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonseli kimi. Mina-ke ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.


Yena uyinhlawulo ngenxa yezono zethu, kungezona nje ezethu kuphela, kodwa nangenxa yezezwe lonke.


owazinikela ukuba abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esifaneleyo.


Kepha siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi isikhashana, esethweswe manje umqhele wenkazimulo nodumo, ngenxa yokuba wahlupheka waze wafa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Wezela ukuba ngufakazi, ofakaza ngokukhanya ukuze bonke abantu bakholwe ngaye.


Ngabadonsa ngezintabo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngakhothamela kuye, ngamnika ukudla.


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


Ezithwalele isiphambano, bahamba naye, baya endaweni okuthiwa iNdawo Yekhanda, ngesiHebheru okuthiwa iGolgotha.


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Ngakho isixuku samphendula, sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKhristu uyakuphila phakade. Pho usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu ifanelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”


Ngidonse ngikulandele, sigijime. Inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyojabula, sithokoze ngawe; uthando lwakho siyolukhumbula ukwedlula iwayini. Abalungileyo bayakuthanda.


U-Absalomu wethuka ehlangana nezinceku zikaDavide. U-Absalomu wayegibele umnyuzi. Umnyuzi wangena phansi kwehlozi elicinene lamagatsha omu-okhi, u-Absalomu wagaxela ngezinwele kuwo, walenga emoyeni, umnyuzi abewugibele wedlula, wamshiya kanjalo.


Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo.


lokho kwenzeka ukuze kufezeke izwi uJesu alikhulumayo, ekhomba indlela ayakufa ngayo.


UMose wenza inyoka yethusi, wayiphanyeka ensikeni. Kwakuthi lapho umuntu elunywe yinyoka, bese ebheka inyoka yethusi, asinde.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite