Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:31 - IsiZulu 2020

31 Manje sekungukwehlulelwa kwalo mhlaba. Manje-ke umbusi walo mhlaba uzakuxoshwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Kalokhu kungukwahlulelwa kwaleli zwe; kalokhu umbusi waleli zwe uzakuxoshwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Kalokhu kungukwahlulelwa kwalomhlaba;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kalokhu kungukwahlulelwa kwalomhlaba;

Gade chapit la Kopi




Johane 12:31
22 Referans Kwoze  

okuyibona unkulunkulu waleli lizwe eyiphuphuthekisile ingqondo yabangakholwa, ukuze lingakhanyi kubo ivangeli lenkazimulo kaKhristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


Siyazazi ukuthi thina singabakaNkulunkulu, nokuthi umhlaba wonke ubuswa ngamandla obubi.


Owenza isono, ungokaSathane, ngokuba uSathane wona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze iyiqede iphele nya imisebenzi kaSathane.


Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabomoya bobubi emkhathini.


Angisezukukhuluma nani ngenabe, ngokuba umbusi waleli lizwe uyeza, nokho-ke akanamandla kimi,


Ngakho-ke njengalokhu abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla phezu kokufa; uSathane,


Wabephuca izikhali ababusi nabanamandla, wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngesiphambano.


Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni.


Kepha uma Mina ngikhipha amadimoni ngoMoya kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.


Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”


ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ”


Amaqhawe angayephucwa yini impango, nolungileyo angaphunyuka ekuthunjweni na?


Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi.


UJesu wathi: “Mina ngize lapha emhlabeni ukuzokwahlulela ukuba abangaboniyo babone, kuthi nababonayo babe yizimpumputhe.”


Siphelelephi isazi na? Sikuphi isazimthetho na? Uphi oqophisana ngamazwi wakulesi sikhathi na? UNkulunkulu akakwenzanga yini kwaba wubuwula ukuhlakanipha kwakuleli lizwe na?


Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite