Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:29 - IsiZulu 2020

29 Ngakho-ke abantu ababemile bezwa, bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Ngakho abantu ababemi bezwa bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Ngakho ixuku elalimi khona likuzwa bathi liyaduma; abanye bathi: Ingilosi ikhulume kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ngakho ixuku elalimi khona likuzwa bathi liyaduma; abanye bathi: Ingilosi ikhulume kuye.

Gade chapit la Kopi




Johane 12:29
12 Referans Kwoze  

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, linjengezwi lokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengomsindo wokuduma okukhulu. Izwi engalizwa lalifana nokubethwa kwamahabhu, ebethwa ngababethi bawo.


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe. Kwaba khona imibani, ukuhlokoma kwamazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.


Ingelosi yathabatha isithunqiso, yasigcwalisa ngamalahle omlilo wase-althare avuthayo, yasiphonsa emhlabeni, kwase kuba khona ukuduma, umsindo, imibani, nokuzamazama komhlaba.


Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho ngezwi okungathi ngumsindo wokuduma kwezulu, sithi: “Woza!”


Umsindo wamaphiko amakherubhi wezwakala, kwaze kwaba segcekeni elingaphandle, njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.


Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?


Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude.


Ngosuku lwesithathu ekuseni, kwaba nokuduma, nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke ababesenkanjini bathuthumela.


Amadoda ayehamba naye ayemi ekhungathekile, ngokuba alizwa izwi, kodwa awabonanga muntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite