Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:25 - IsiZulu 2020

25 Lowo othanda ukuphila kwakhe, ulahlekelwa yikho; nozonda ukuphila kwakhe kulo mhlaba, uyakukulondela ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho, nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Othanda ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; futhi ozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyokulondela ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Othanda ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; futhi ozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyokulondela ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi




Johane 12:25
13 Referans Kwoze  

Ofumana ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana.


Ofuna ukulondoloza ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa yikho, uyakukulondoloza.


Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kodwa olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli, uyakukusindisa.


Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana.


“Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami.


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Ngase ngikuzonda ukuphila ngoba umsebenzi owenziwa phansi komthunzi welanga ungububi kimi. Konke kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Nokho uPawula waphendula wathi: “Nenzani ukuba nikhale nidabukise inhliziyo yami na? Ngokuba mina sengikulungele, hhayi nje ukuboshwa kuphela, kodwa nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Abesifazane babuyiselwa abakubo ababefile sebevusiwe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite