Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:20 - IsiZulu 2020

20 Kwakukhona amaGriki athile kulabo abakhuphukele emkhosini ukuba bayokhonza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kwakukhona amaGreki athile phakathi kwababenyuka ukuba bakhuleke emkhosini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Kwakukhona amaGreki athile kwababekhuphukele ukukhuleka emkhosini;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kwakukhona amaGreki athile kwababekhuphukele ukukhuleka emkhosini;

Gade chapit la Kopi




Johane 12:20
19 Referans Kwoze  

Ngakho-ke abaJuda babuzana bodwa, bathi: “Uzakuya kuphi lo muntu lapho singeke samthola khona na? Ngabe uzakuya kwabahlakazekele kumaGriki, ayofundisa amaGriki na?


Abanye kubo bakuvuma lokho, bazihlanganisa noPawula noSila, nesixuku esikhulu samaGriki akholwayo, nabesifazane abaningi abadumileyo.


Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo.


Wasuka-ke wahamba. Wase ebona indoda yase-Etopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe, indlovukazi yase-Etopiya, eyayengamele yonke ingcebo yendlovukazi. Yayikade ize eJerusalema ukuzokhuleka.


Kepha lo wesifazane wayengumGriki owayezalelwe eSirofenike, wamnxusa uJesu ukuba akhiphe idimoni endodakazini yakhe.


Kepha ngisho uThithu esasihamba naye engumGriki, akaphoqwanga ukuba asoke.


bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani! Nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi ufike namaGriki wawangenisa ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.”


Ngifakaza kubaJuda nakumaGriki ukuba baphendukele kuNkulunkulu nokuba bakholwe yiNkosi yethu uJesu.


UPawula wahamba waze wafika eDerbe naseListra. Lapho kwakukhona umfundi othile, igama lakhe kunguThimothewu, indodana yowesifazane okholwayo wakwaJuda, kodwa uyise wayengumGriki,


Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki.


lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGriki, lokhu Yena uyiNkosi yabo bonke, futhi ubacebele bonke abakhuleka kuye,


Ngokuba anginamahloni ngevangeli, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGriki;


Sekusele izinsuku eziyisithupha kube yiPhasika, uJesu waya eBhethaniya lapho kwakuhlala khona uLazaru ayemvuse kwabafileyo.


Ngakho-ke abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona, akukho lutho esingalwenza; izwe lonke liyamlandela.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite