Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 11:52 - IsiZulu 2020

52 kungesona isizwe nje kuphela, kodwa ukuba aqoqele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

52 kungengenxa yesizwe kuphela, kepha ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

52 futhi kungabi ngenxa yaleso sizwe sodwa, kodwa futhi ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekile babe munye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

52 futhi kungabi ngenxa yaleso sizwe sodwa, kodwa futhi ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekile babe munye.

Gade chapit la Kopi




Johane 11:52
40 Referans Kwoze  

Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye.


Yena uyinhlawulo ngenxa yezono zethu, kungezona nje ezethu kuphela, kodwa nangenxa yezezwe lonke.


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


UPhethro, umphostoli kaJesu Khristu, kwabakhethiweyo abayizihambi, abahlakazekele ePhontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, e-Asiya naseBhithiniya,


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


Ngabe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Ngabe akasiye yini nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe futhi,


ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”


Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela.


ngokwecebo laphakade alenzayo ngoKhristu uJesu iNkosi yethu;


Wakumisa phambilini ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Khristu, njengalokhu kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,


njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngikuqokile ukuba ube nguyise wezizwe eziningi” phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, Yena ophilisa abafileyo, nobiza okungekho kube sengathi kukhona,


ngokuba Mina nginawe, akukho namunye ozakukuhlasela, akulimaze, lokhu nginabantu abaningi kulo muzi.”


Mina-ke, uma sengiphakanyisiwe emhlabeni, ngiyakudonsela kimi bonke abantu.”


Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


“Kepha abantu bakwa-Israyeli bayakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nakubalwa. Lapho bekuthiwa khona kubo: ‘Aniseyibo abantu bami,’ kuyakuthiwa kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


Njengalokhu umelusi ewufuna umhlambi wakhe lapho uhlakazekile, kanjalo-ke ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizihlenge kuzo zonke izindawo ezihlakazelwe kuzo ngosuku lwamafu nesigayegaye sobumnyama.


“Phakamisa amehlo akho, ubone nxazonke; bonke bayaqoqana beza kuwe, amadodana akho ayovela endaweni ekude, namadodakazi akho ayofika ebelethwe.


INkosi uSimakade oqoqa abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, ithi: “Ngisazoqoqela kuye nabanye ngaphandle kwalaba asebeqoqiwe.”


Bheka, uyobiza izizwe ongazazi, nezizwe ebezingakwazi zigijimele kuwe ngenxa kaSimakade uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba ukudumisile.”


Phakamisa amehlo akho ubuke nxazonke, bonke bayaqoqana, beza kuwe; ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade, “impela uyakubagqoka bonke njengemvunulo, ubabhince njengomakoti.


Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.


Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.


Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu,


Ake nibheke uthando olungaka asinike lona uBaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo. Nokho izwe alisazi, ngokuba naye alimazanga.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


“Noma-ke ngumuphi owesifazane ongathi enezinhlamvu zesiliva ezilishumi, alahlekelwe wuhlamvu olulodwa, angokheli isibani, ashanele endlini, alufunisise, aze aluthole na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite