Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 11:41 - IsiZulu 2020

41 Balisusa-ke itshe. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga, ngokuba ungizwile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Balisusa-ke itshe. Kepha uJesu waphakamisa amehlo, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Balisusa-ke itshe endaweni lapho ofile ayebekwe khona. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Balisusa-ke itshe endaweni lapho ofile ayebekwe khona. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.

Gade chapit la Kopi




Johane 11:41
14 Referans Kwoze  

Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.


UJesu wakhuluma lezi zinto, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile, khazimulisa iNdodana, ukuze iNdodana ikukhazimulise.


Ngizowaphakamisela kuwe amehlo ami, Wena ohleli ezulwini.


Ngaleso sikhathi uJesu wathokoza kuMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwembulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube kanjalo.


Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga.


“Kepha umthelisi wema kude engafuni ngisho nokuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa wazithoba ezisola, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’


Yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.


wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni; wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba.


UJosefa wathenga indwangu yelineni, wamethula, wamsonga ngayo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna.


Bafica itshe ligingqiwe ethuneni.


Kepha namanje, ngiyazi ukuthi noma yini ongayicela kuNkulunkulu, uzakukunika yona.”


Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe emnyango wethuna.


Kepha yena, egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite