Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 11:11 - IsiZulu 2020

11 Wakukhuluma lokho, qede wathi kubo: “ULazaru, umngani wethu ulele, kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Washo lokho, emva kwalokho wathi kubo: “Umngane wethu uLazaru ulele; kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Washo lokho, emva kwalokho wathi kubo: “Umngane wethu uLazaru ulele; kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.

Gade chapit la Kopi




Johane 11:11
25 Referans Kwoze  

Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kodwa bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo.


owasifelayo; ukuba noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.


Manje senginitshela imfihlakalo; asiyukulala sonke, kodwa sonke siyakuguqulwa,


Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Esekushilo lokho walala ubuthongo.


kwavuleka amathuna, izidumbu eziningi zabangcwele ababelele, zavuswa;


ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”


Esengenile wathi kubo: “Niyaluzelani, futhi nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”


wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazane ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.


USimakade wakhuluma kanjalo noMose ubuso nobuso, njengomuntu ezikhulumela nomngani wakhe. Wabuyela enkanjini, kodwa inceku yakhe, insizwa enguJoshuwa indodana kaNuni, ayiphumanga ethendeni.


Kwagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.” Wayesebizwa ngokuthi ungumngani kaNkulunkulu.


Phaphamani, niziphathe kahle, yekani ukona, ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni.


Yebo, nalabo asebalala bekuKhristu babhubhile.


Ngakho-ke odadewabo bathumela kuJesu, bathi: “Nkosi, bheka, umngani wakho omkhonzile uyagula.”


Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe.


“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, wozalo luka-Abhrahama umngani wami,


Wena Nkulunkulu wethu awuxoshanga yini phambi kwabantu bakho, u-Israyeli, ababakhe kuleli lizwe, walinika abozalo luka-Abhrahama, umngani wakho, kuze kube phakade na?


USimakade wathi kuMose: “Bheka, usuzoyolala noyihlomkhulu; laba bantu bayakusuka, bayophinga nonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bayakungishiya, basaphule isivumelwano engisenze nabo.


UGehazi wabendulela, wabeka udondolo ebusweni bomntwana; akubanga bikho lizwi nakuphila. Ngalokho-ke wabuya wayomhlangabeza, wambikela wathi: “Umntwana akavukanga.”


Kepha uma ehamba ebusuku uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.”


Ngakho-ke abafundi bakhe bathi kuye: “Nkosi, uma elele, uzosinda.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite