Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 10:32 - IsiZulu 2020

32 UJesu wathi kubo: “Nginikhombisile imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yiwona muphi eningikhandela wona ngamatshe na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 UJesu wawaphendula wathi: Ngilitshengise imisebenzi eminengi emihle evela kuBaba; Yimuphi kule misebenzi eningikhandela yona na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 UJesu wawaphendula wathi: Ngilitshengise imisebenzi eminengi emihle evela kuBaba; Yimuphi kule misebenzi eningikhandela yona na?

Gade chapit la Kopi




Johane 10:32
16 Referans Kwoze  

kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,


Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi.


“Kepha nginobufakazi obedlula obukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, le misebenzi engiyenzayo, iyafakaza ngami ukuthi nguBaba ongithumileyo;


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Okuhle engikwenzile bakubuyisela ngokubi, inhliziyo yami bayiswabisile.


UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga. Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba, yiyona efakaza ngami,


UJeremiya wayesethi enkosini uZedekiya: “Ngoneni kuwe, nasezincekwini zakho, nakulaba bantu ukuba ningifake ejele na?


AbaJuda bacosha amatshe futhi, ukuze bamkhande ngawo.


AbaJuda bamphendula, bathi: “Asikukhandi ngamatshe ngenxa yomsebenzi omuhle, kodwa ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu, uzenza uNkulunkulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite