Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 10:30 - IsiZulu 2020

30 Mina noBaba simunye.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Mina noBaba simunye.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Mina noBaba simunye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Mina noBaba simunye.

Gade chapit la Kopi




Johane 10:30
18 Referans Kwoze  

UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na?


ukuze bonke bayihloniphe iNdodana njengalokhu behlonipha uYise. Ongayihloniphi iNdodana, kamhloniphi noYise oyithumileyo.


Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: engakabi bikho u-Abhrahama, ngangikhona Mina.”


UJesu wathi kubo: “UBaba uyasebenza kuze kube manje, nami-ke ngiyasebenza.”


“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu,


Konke okwami kungokwakho, nalokho okungokwakho kungokwami. Ngikhazimulisiwe kubo.


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


Konke uBaba anakho, kungokwami; yingakho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele khona.


Ngokuba bathathu ofakazi:


“Yizwa, Israyeli: uSimakade uNkulunkulu wethu, uSimakade, munye.


UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.


pho ningakhuluma kanjani ngalowo amehlukanisa wamthumela emhlabeni, ukuthi uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu’ na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite