Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 10:25 - IsiZulu 2020

25 UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga. Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba, yiyona efakaza ngami,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshelile, kepha anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshelile, kepha anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.

Gade chapit la Kopi




Johane 10:25
17 Referans Kwoze  

Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani-ke yimisebenzi, ukuze nazi futhi niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.”


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: engakabi bikho u-Abhrahama, ngangikhona Mina.”


Kholwani ukuthi Mina ngikuBaba, noBaba ukimi. Uma kungenjalo, kholwani ngenxa yemisebenzi uqobo lwayo.


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Ziningi ezinye izibonakaliso uJesu azenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiwe kule ncwadi.


Nakuba ayezenzile izibonakaliso eziningi, bezibonela ngawabo, kodwa abakholwanga kuye,


Ngakho-ke abaphristi abakhulu nabaFarisi babiza umkhandlu, bathi: “Sizokwenzenjani ngokuba lo muntu wenza izibonakaliso eziningi na?


UJesu wathi kubo: “Nginikhombisile imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yiwona muphi eningikhandela wona ngamatshe na?”


Ngakho-ke ngithe kini niyakufela ezonweni zenu, ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.”


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


Kepha abaningi esixukwini bakholwa nguye, bathi: “Ngabe uKhristu nxa esefikile uyakwenza izimangaliso eziningi ezedlula azenzileyo lo na?”


Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,


U-Abhrahama, uyihlo, wathokoza ukuthi uzobona usuku lwami, walubona, wajabula.”


Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite