Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 10:24 - IsiZulu 2020

24 Base bemngunga abaJuda, bathi kuye: “Kuyakuze kube nini silokhu sidukuza oswini na? Uma unguKhristu, sitshele ngokusobala.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Base bemhaqa abaJuda bethi kuye: “Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Base bemhaqa abaJuda, bathi kuye: “Koze kube nini usenza singabaze na? Uma unguKristu, sitshele ngokusobala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Base bemhaqa abaJuda, bathi kuye: “Koze kube nini usenza singabaze na? Uma unguKristu, sitshele ngokusobala.

Gade chapit la Kopi




Johane 10:24
13 Referans Kwoze  

Lokhu kungubufakazi bukaJohane, lapho abaJuda bethumele abaphristi nabaLevi bevela eJerusalema ukuba bambuze, bathi: “Wena ungubani na?”


Ngabe wena umkhulu yini kunobaba u-Abhrahama owafa na? Nabaphrofethi bafa. Pho wena uzenza bani na?”


Base bethi kuye: “Kanti Wena ungubani na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiyilowo ebenginitshela ngaye kusukela kwasekuqaleni.


wathi kuye: “Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?”


Ngakho-ke sinethemba elinjalo, senza ngesibindi,


“Lokho ngikukhulume kini ngemifanekiso, kodwa siyeza isikhathi lapho ngingasayukukhuluma ngemifanekiso, kodwa ngiyakukhuluma ngoBaba ngokusobala.


Abazali bayo basho lokho, ngokuba babesaba abaJuda, lokhu abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma kukhona ovuma ukuthi unguKhristu, uzakunqunywa esinagogeni.


Abantu babesabhekile futhi bonke bezibuza ngoJohane ukuthi, ngabe mhlawumbe unguye uKhristu,


U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Kuyoze kube nini ninqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uSimakade enguNkulunkulu, mlandeleni Yena, kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” Kepha abantu kabamphendulanga ngazwi.


Leli lizwi walisho ngokusobala. UPhethro wamdonsela eceleni, waqala ukumthethisa.


AbaJuda bacosha amatshe futhi, ukuze bamkhande ngawo.


AbaJuda bamphendula, bathi: “Asikukhandi ngamatshe ngenxa yomsebenzi omuhle, kodwa ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu, uzenza uNkulunkulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite