Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 10:11 - IsiZulu 2020

11 “Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.

Gade chapit la Kopi




Johane 10:11
25 Referans Kwoze  

Akekho onothando olwedlula olokuba umuntu adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangani bakhe.


USimakade ungumelusi wami, angiyukuswela.


ngokuba iWundlu elingaphakathi kwesihlalo sobukhosi liyabelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila, noNkulunkulu uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo.”


Iyokwelusa umhlambi wayo njengomelusi, iqoqe izimvana ngezingalo zayo, izigone esifubeni sayo, ihole ngesinono izindlezane.


Uthando silwazi ngalokhu ukuthi Yena wakudela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Kanjalo nathi sifanele ukudela ukuphila kwethu ngenxa yabazalwane.


Lapho uDavide eyibona ingelosi eyayibulala abantu, wathi kuSimakade: “Bheka, yimi engonile, ngenza okubi, kodwa lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”


Kepha uNkulunkulu wokuthula, owakhuphula kwabafileyo umelusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano saphakade, iNkosi yethu uJesu,


Ngiyakubeka kuzo umelusi, azeluse: inceku yami uDavide; uyakuzelusa, abe ngumelusi wazo.


“ ‘ “Inceku yami, uDavide, iyakuba yinkosi, ibabuse, bonke babe nomelusi oyedwa, bayakuhamba ezehlulelweni zami, bazigcine izimiso zami, futhi bazenze.


Kuyakuthi lapho uMelusi omkhulu esebonakaliswa, nizuze umqhele wenkazimulo ongabuniyo.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Lalela, Malusi ka-Israyeli, Wena ohola uJosefa njengomhlambi. Uhlezi phezu kwamakherubhi, khazimula


Uyakuma, eluse ngamandla kaSimakade nangobukhulu begama likaSimakade uNkulunkulu wakhe. Bayakuhlala bevikelekile, ngokuba uyakuba mkhulu kuze kube semaphethelweni omhlaba.


nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu.


“Ndodana yomuntu, phrofetha umelane nabelusi bakwa-Israyeli; phrofetha uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, kubelusi bakwa-Israyeli abazicabangela bona! Kanti abelusi akumele yini ukuba beluse izimvu na?


Kepha ongena ngesango, ungumelusi wezimvu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite