Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 10:10 - IsiZulu 2020

10 Isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa. Mina ngize lapha ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

Gade chapit la Kopi




Johane 10:10
25 Referans Kwoze  

Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzofuna nokusindisa okulahlekileyo.”


Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.”


“Uma umuntu ezwa amazwi ami, kodwa engawalondolozi, angimehluleli Mina, ngokuba angizanga ukuba ngehlulele umhlaba, kepha ukuba ngiwusindise.


Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla evela ezulwini, oliphayo izwe ukuphila.”


Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana yakhe ezweni ukuba izokwehlulela izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.


Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo.


UJesu wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa oweqa uthango, afohle, uyisela nomphangi.


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.


Yebo, bayizinja ezihahayo, abesuthi; abelusi nabo bonke ngothi lwabo abanakuqonda, baphendukele bonke ezindleleni zabo; yilowo nalowo enzuzweni yakhe.


Ngokuba ngokwenza kanjalo, niyakuphiwa ilungelo elipheleleyo lokungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu.


Ngalokho-ke uNkulunkulu ethanda kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso icebo lakhe elingaguquki, waliqinisekisa ngesifungo,


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Pho wena-ke ofundisa omunye, awufundiswanga yini wena na? Wena kanye oshumayela ukuthi kungebiwa, uyeba yini na?


“Lapho nje ngimphulukisa u-Israyeli, kuyakuhlala obala isiphambeko sika-Efrayimi nobubi beSamariya, ngokuba benza inkohliso, kwagqekeza amasela, neqembu labaphangi lahlasela emigwaqweni.


Qaphelani ukuba ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: izingelosi zabo ezulwini zibubona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.


Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kodwa nina seniyiphendule umhume wabaphangi.”


Lokho wakusho, hhayi ngokuba ekhathalela abampofu, kodwa ngokuba eyisela futhi ephatha isikhwama semali, ayebuye ebe okufakwa kuso.


Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza umhume wabaphangi.”


Kepha anifuni ukuza kimi ukuze nibe nokuphila.


“Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzosindisa okulahlekileyo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite