Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 1:51 - IsiZulu 2020

51 Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla phezu kweNdodana yomuntu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

51 Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakubona izulu livulekile, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakubona izulu livulekile, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.

Gade chapit la Kopi




Johane 1:51
55 Referans Kwoze  

Waphupha ebona isikhwelo simisiwe sisuka emhlabathini size sifinyelele ezulwini. Izingelosi zikaNkulunkulu zazenyuka zehla kuso.


wathi: “Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.”


Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.


Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:


UJesu wathi: “Nginguye. Niyakuyibona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”


Kwathi nje ukuba aphume emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba.


UJesu esebhabhadisiwe, waphuma masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, ehlela phezu kwakhe.


Kwathi ngonyaka wama-30, ngenyanga yesine, ngosuku lwesihlanu lwayo, nginabathunjwa ngasemfuleni iKhebhari, izulu lavuleka, ngabona imibono kaNkulunkulu.


Wabona izulu livulekile kunesitsha esithile sehla sinjengendwangu enkulu, sehliselwa emhlabeni ngamachopho amane.


Lapho bonke abantu sebebhabhadisiwe, noJesu esebhabhadisiwe, ekhuleka, izulu lavuleka,


USathane wayesesuka kuye; kwafika izingelosi zamkhonza.


Ngase ngibona izulu livulekile: nanto ihhashi elimhlophe nogibele kulo, obizwa ngokuthi ngoThembekileyo noQinisileyo, uyahlulela, futhi ulwa ngokulunga.


Emveni kwalokho, ngase ngibona umnyango uvulekile ezulwini, nezwi engangilizwe kuqala linjengelecilongo lakhuluma nami, lathi: “Yenyukela lapha, ngizakukutshengisa okumele ukuba kwenzeke emva kwalokhu.”


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


Ingelosi yeNkosi yabonakala kubo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; bagcwala ukwesaba okukhulu.


Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


UJesu wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa oweqa uthango, afohle, uyisela nomphangi.


Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”


“Kuyakuthi lapho iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele zikanye nayo, iyakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo.


U-Enokhi, owayengowesikhombisa kusukela ku-Adamu, waphrofetha ngalaba, wathi: “Uyabona, iNkosi iyeza nezindimbane zabangcwele bayo,


Laba-ke bazakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade, basuswe ebukhoneni beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwayo unokuphila okuphakade.


Kwathi besakhungathekile yilokho, babona nanko amadoda amabili emi eduze kwabo, egqoke izingubo ezicwebezelayo.


Impela iNdodana yomuntu izakuhamba njengokulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba akazalwanga.”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona, kodwa uma usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, futhi akuyise lapho ungathandi khona.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa nanini.”


Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: kwakungeyena uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa nguBaba onipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.


UJesu waphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, ngeke angene embusweni kaNkulunkulu.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kodwa usizi lwenu luyakuba yintokozo.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso, nothunyiweyo akangaphezulu komthumileyo.


Ngalokho-ke uJesu wabuye wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.


Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila.


Uyinikile igunya lokwehlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.


Ngakho-ke uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: iNdodana ingenze lutho ngokwayo, ngaphandle kwalokho ekubona kwenziwa nguYise, ngokuba lokho akwenzayo Yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.”


Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inegunya lokuthethelela izono emhlabeni ...,” wathi kofe uhlangothi: “Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”


UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngalolo suku aniyukungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, uyakuninika yona.


UJesu waphendula, wathi: “Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: iqhude ngeke likhale, ungakangiphiki kathathu.”


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: engakabi bikho u-Abhrahama, ngangikhona Mina.”


UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo owenza isono, uyisigqila sesono.


UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa, nasutha.


UJesu wamphendula, wathi kuye: “Uyakholwa ngokuba ngithe kuwe ngakubona uphansi komkhiwane na? Uzakubona okukhulu kunalokho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite