Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 1:41 - IsiZulu 2020

41 U-Andreya waqala wafumana umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simtholile uMesiya,” okungukuthi uma lihunyushwa, uKhristu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya,” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.

Gade chapit la Kopi




Johane 1:41
21 Referans Kwoze  

Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya, okuthiwa nguKhristu uyeza; uma esefikile uyakusitshela konke.”


UFiliphu wafumana uNathaniyeli, wathi kuye: “Simtholile lowo uMose aloba ngaye emthethweni, kanye nabaphrofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.”


Ngiyifumene inceku yami, uDavide, ngayigcoba ngamafutha ami angcwele.


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Naye-ke wafika ngaleso sikhathi, wamtusa uNkulunkulu, wabatshela ngaye bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.


Sebebonile, balanda ngalelo lizwi ababelitsheliwe ngalo mntwana.


“Ngokuba kuwo lo muzi, uHerode, uPhontiyu Pilatu, nabezizwe nabantu bakwa-Israyeli bahlangana bamelana neNceku yakho engcwele, uJesu owamgcobayo,


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade.


Uthanda ukulunga, uzonde ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo ngaphezulu kwabangani bakho.


Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:


Base bethi omunye komunye: “Asenzi kahle. Lolu lusuku lwanamuhla wusuku lwezindaba ezinhle, kodwa sithule nje silinde ukuba kuze kube sekuseni, siyakuthola isijeziso ngalokho, masihambe, sitshele indlu yenkosi.”


Lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuba nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe, uJesu Khristu.


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite