Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 1:16 - IsiZulu 2020

16 Ngokuba ekugcwaleni kwakhe, sonke samukele umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi




Johane 1:16
24 Referans Kwoze  

Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo,


okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, sizigabisa ngethemba lenkazimulo kaNkulunkulu.


nilwazi uthando lukaKhristu olwedlula ukuqonda konke, ukuze nipheleliswe ngokuphelela konke kukaNkulunkulu.


lona elingumzimba wakhe, ukuphelela kwakhe okuphelelisa konke, kubo bonke.


Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, kusobala-ke ukuthi abemukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga, bayakubusa ekuphileni ngalowo oyedwa zwi, uJesu Khristu.


Othunywe nguNkulunkulu ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu umuphe ngokupheleleyo uMoya.


abakhethiweyo, ngokwazi phambilini kukaNkulunkulu uYise, ngokungcwelisa kukaMoya ukuze balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Khristu. Sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini.


Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuthi xaxa, kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.


okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi.


Kepha nina anibuswa yinyama yemvelo, kodwa nikuye uMoya, inqobo nje uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKhristu, lowo kasiye owakhe.


ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.


Kepha uJohane wazama ukumenqabela, ethi: “Yimi engidinga ukubhabhadiswa nguwe, kepha Wena uza kimi na?”


“Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kube ngukuphenduka. Kepha oza emva kwami, unamandla kunami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe. Uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.


“Ungubani-ke wena ntaba enkulu na? Phambi kukaZerubhabhele uyakuba yithafa. Uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza athi: ‘Umusa, umusa, mawube kulo!’ ”


Baphenyisisa ukuthi yisiphi, futhi sinjani leso sikhathi esakhonjwa nguMoya kaKhristu owayekubo, efakaza ngaphambilini ngezinhlupheko zikaKhristu nangenkazimulo eyayizakulandela kamuva.


Kepha umthetho wangena ukuze kwande isiphambeko, kodwa lapho kuvama khona isono, kwavama kakhulu umusa ngokwedlulele,


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite