Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 1:13 - IsiZulu 2020

13 abangazalwanga ngagazi, ngandlela yemvelo noma ngantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Johane 1:13
25 Referans Kwoze  

Umuntu ozelwe nguNkulunkulu akasenzi isono, ngokuba imbewu kaNkulunkulu ihlala kuye, futhi akanakwenza sono, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.


Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.


Senizelwe kabusha nina, hhayi ngembewu ephelayo, kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu,


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, owasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu, ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Khristu kwabafileyo,


Konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe, lokhu kungukunqoba okunqobe izwe: ukukholwa kwethu.


Bathandekayo, kumele sithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; bonke abanothando bazelwe nguNkulunkulu, futhi bayamazi uNkulunkulu.


wasisindisa; hhayi ngemisebenzi yokulunga esayenza, kodwa ngokwesihawu sakhe, ngokugezwa kokuphindu kuzalwa, ngokuba senziwe basha ngoMoya oNgcwele,


Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe.


Mina ngafike ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu wakhulisa.


Yilowo nalowo okholwa wukuthi uJesu unguKhristu, uzelwe nguNkulunkulu. Lowo othanda ozelweyo uthanda nomzeleyo.


Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.”


Ningacabangi ukuthi nizakuthi phakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abhrahama,’ ngokuba ngithi kini: uNkulunkulu angamvusela abantwana u-Abhrahama kulawa matshe.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Abantwana babeqhubukushana ngaphakathi kuye, waze wathi: “Uma kuzoba nje, pho ngisaphilelani na?” Wayeseyobuza kuSimakade.


Njengezinsana ezisanda kuzalwa, langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze ngalo nikhule kube ngukusindiswa,


U-Isaka wethuka wagedezela, wathi: “Ngubani kanti lona ozingele inyamazane wayiletha kimi, ngayidla ungakafiki, ngambusisa na? Yebo, uyohlala engobusisekileyo impela.”


U-Isaka wayemthanda kakhulu u-Esawu, ngokuba wayeyithanda inyama yenyamazane, kanti uJakobe wayethandwa kakhulu ngunina uRibheka.


ubuye ungiphekele isilovela esehla esiphundu, usilethe kimi, ngidle, bese ngikubusisa ngingakafi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite