Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 1:10 - IsiZulu 2020

10 ULizwi wayekhona ezweni. Izwe lavela ngaye, kodwa izwe alimazanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga.

Gade chapit la Kopi




Johane 1:10
23 Referans Kwoze  

“Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kodwa Mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.


Ake nibheke uthando olungaka asinike lona uBaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo. Nokho izwe alisazi, ngokuba naye alimazanga.


Akukho namunye kubabusi balesi sikhathi obekwazi, ngokuba ukuba bebekwazi, babengeke bayibethele iNkosi yenkazimulo.


Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.


Ngokukholwa, siqonda ukuthi umhlaba wadalwa ngezwi likaNkulunkulu, kwaze kwathi kulokho okungabonakaliyo kwavela okubonakalayo.


Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.


Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwazanga ukukucima.


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”


UJesu wathi kubo: “UBaba uyasebenza kuze kube manje, nami-ke ngiyasebenza.”


UHagari wayesembiza uSimakade owayekhulume naye wathi: “Ungu-Eli Royi,” ngokuba wathi: “Ngabe ngimbonile yini, ongibonayo na?”


Kwathi ukuba uSimakade aqede ukukhuluma no-Abhrahama, behlukana, u-Abhrahama waphindela ekhaya.


Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Konke kwavela ngaye; akukho lutho olwadalwayo kukho konke okudaliweyo, olungavelanga ngaye.


Weza kokwakhe, kodwa abakhe abamemukelanga.


kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye.


ngokuba konke kwadalwa ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa Yona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite