Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 9:41 - IsiZulu 2020

41 UPhethro wambamba ngesandla, wamsukumisa, wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephile saka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Wambamba ngesandla, wamsukumisa; wayesebabiza abangcwele nabafelokazi, wamethula ephilile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Wambamba ngesandla, wamsukumisa; wayesebabiza abangcwele nabafelokazi, wamethula ephilile.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 9:41
15 Referans Kwoze  

Kwathi ngalezo zinsuku, abafundi sebanda, kwaba khona ukukhononda kulabo abakhuluma isiGriki, ngamaHebheru, ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa uma kwabiwa imihla ngemihla.


Esesondele kuye, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane waphela; wabakhonza.


Base bemletha umfana ephilile, baduduzeka kakhulu.


Wayeseyibamba ngesandla sokunene, wayisukumisa. Masinyane izinyawo zayo namaqakala kwaqina,


Obefile wavuka, wahlala ngezinqe, waqala ukukhuluma. Wayesemnikeza unina.


Esesondele ngasesangweni lomuzi, wathola kukhona ofileyo owayethwelwe eyongcwatshwa, indodana eyodwa vo kunina, owayengumfelokazi. Kwakunesixuku esikhulu sabantu balowo muzi ababemphelekezela.


USimakade uyabavikela abafokazi, asize intandane nomfelokazi, kodwa abhuntshise indlela yezikhohlakali.


Isibusiso sowayesezobhubha sasehlela kimi, ngayenza yahuba ngenjabulo inhliziyo yomfelokazi.


U-Eliya wayesemthatha umntwana, wamehlisa ekamelweni eliphezulu, wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi: “Bheka, indodana yakho isiyaphila.”


Bambikela bathi: “UJosefa usaphila, ungumbusi walo lonke iGibhithe.” UJakobe waphela amandla, wakhungatheka, akaze abakholwa.


Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;


UPhethro ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele ababakhe eLida.


Hlonipha abafelokazi, abangabafelokazi ngempela.


Lowo ongumfelokazi ngempela, ongenabani, uthembele kuNkulunkulu, uhlala enxusa, ekhuleka ubusuku nemini.


Wayesethi: “Yikhuphule.” Welula isandla sakhe, wayithatha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite