Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 9:32 - IsiZulu 2020

32 UPhethro ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele ababakhe eLida.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Kwathi uPetru ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Kwathi uPetru ebhoda ezindaweni zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Kwathi uPetru ebhoda ezindaweni zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 9:32
18 Referans Kwoze  

Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;


Kuthe sebefakazile, balikhuluma izwi leNkosi, base bebuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.


UPawula noThimothewu, izinceku zikaKhristu uJesu, kubo bonke abangcwele kuKhristu uJesu abaseFiliphi, nababheki bebandla kanye nabadiyakhoni.


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKhristu uJesu:


kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababizwa ngabangcwele: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.


Lokho ngakwenza eJerusalema, ngafaka abaningi abangcwele emajele, ngigunyazwe ngabaphristi abakhulu; nalapho abangcwele bebulawa yimi engangibalahla ngevoti lami.


UPhethro wambamba ngesandla, wamsukumisa, wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephile saka.


Kuthe lapho abaphostoli eJerusalema sebezwile ukuthi abaseSamariya balemukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo uPhethro noJohane.


Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”


kwavuleka amathuna, izidumbu eziningi zabangcwele ababelele, zavuswa;


Uyabavikela labo abahamba ngokwendlela yezahlulelo zakhe,


Abangcwele abasemhlabeni, abahloniphekileyo, ikubo intokozo yami yonke.


Amadodana ka-Eliphahali: kwakungu-Ebhere, uMishamu, noShemedi; yiwona akha i-Ono, neLodi, nemizana yakhona;


abozalo lwaseLodi, eHadidi, nase-Ono babengama-725,


awaseLodi, awaseHadidi nase-Ono engama-721,


eLodi nase-Ono, iSigodi Sababazi.


Wafumana lapho umuntu othile ogama lakhe kungu-Eneya, owayeselale ecansini iminyaka eyisishiyagalombili, efe uhlangothi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite