Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 9:3 - IsiZulu 2020

3 Kepha esaqhubeka nohambo lwakhe, esesondela eDamaseku, kwabanika ngokuphazima kweso nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha ekuhambeni kwakhe, esesondela eDamaseku, kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Esahamba, wasondela eDamaseku, kwakhanya masinyane nxazonke kuye ukukhanya okuvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Esahamba, wasondela eDamaseku, kwakhanya masinyane nxazonke kuye ukukhanya okuvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 9:3
10 Referans Kwoze  

ekugcineni kwabo bonke, wabonwa nayimi enginjengozalwe kungakabi yisikhathi.


“Kwathi ngisendleleni ngihamba, sengisondela eDamaseku emini kwabha, kwabanika masinyane nxazonke ukukhanya okukhulu kuvela ezulwini,


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.


Nguye kuphela ongafiyo, ohlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongakaze abonwe muntu, futhi ongebonwe. Makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade.


U-Ananiya wahamba, wangena endlini, wabeka izandla phezu kukaSawula, wathi: “Sawula, mzalwane, iNkosi uJesu ebonakale kuwe endleleni obuza ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”


wembethe ukukhanya njengengubo, weneka izulu njengendwangu.


Kepha uBharnabha wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ukuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi wayeshumayele kanjani ngesibindi ngegama likaJesu eDamaseku.


Angikhululekile yini na? Angisiye yini umphostoli na? Angimbonanga yini uJesu iNkosi yethu na? Anisiwo yini nina umsebenzi wami eNkosini na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite