Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 9:27 - IsiZulu 2020

27 Kepha uBharnabha wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ukuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi wayeshumayele kanjani ngesibindi ngegama likaJesu eDamaseku.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Kepha uBarnabasi wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ukuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi yayikhulumile kuye, nokuthi wayeshumayele ngesibindi eDamaseku ngegama likaJesu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kepha uBarnabasi wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ukuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi yayikhulumile kuye, nokuthi wayeshumayele ngesibindi eDamaseku ngegama likaJesu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 9:27
20 Referans Kwoze  

Kwathi uJosefa owaqanjwa ngabaphostoli ngokuthi uBharnabha, okusho ukuthi indodana ekhuthazayo, engumLevi waseKhuphro ngokuzalwa,


Manje, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi,


Kwathi bebona isibindi sikaPhethro noJohane, futhi bazi ukuthi bangabantu abangafundile nabangaqeqeshiwe, bamangala, bazi nokuthi kade benoJesu,


Nabanye abaJuda bazenzisa njengaye, noBharnabha waze wathatheka ngokuzenzisa kwabo.


Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,


ekugcineni kwabo bonke, wabonwa nayimi enginjengozalwe kungakabi yisikhathi.


Kanti yimi noBharnabha kuphela yini esingenalo ilungelo lokuyeka ukusebenza na?


Lokho kwadala ukungaboni ngaso linye nempikiswano phakathi kwabo noPawula noBharnabha, base benquma ukuba uPawula, uBharnabha, nabathile babo bakhuphukele eJerusalema, baye kubaphostoli nakumalunga maqondana nalolu daba.


Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni uBharnabha noSawula ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”


UBharnabha noSawula babuyela eJerusalema, ngokuba base bekuqedile ukukhonza kwabo, behamba noJohane okuthiwa nguMakhu.


UBharnabha wayesedlulela eTharsu eyofuna uSawula.


Umbiko ngabo wafinyelela ezindlebeni zebandla laseJerusalema, lathumela uBharnabha ukuba aye e-Antiyokhiya.


U-Ananiya wahamba, wangena endlini, wabeka izandla phezu kukaSawula, wathi: “Sawula, mzalwane, iNkosi uJesu ebonakale kuwe endleleni obuza ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”


wayekhuluma futhi ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGriki, kepha bazama ukumbulala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite