Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:9 - IsiZulu 2020

9 Kwakukhona indoda ethile igama layo kunguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, imangalisa abantu abaningi baseSamariya, izishaya umuntu omkhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, izishaya umuntu omkhulu;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kepha kwakukhona indoda ethile, igama layo linguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, ibhuqa abantu baseSamariya, izitshela ukuthi ingumuntu omkhulu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha kwakukhona indoda ethile, igama layo linguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, ibhuqa abantu baseSamariya, izitshela ukuthi ingumuntu omkhulu;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:9
20 Referans Kwoze  

Sebedabulile esiqhingini sonke, baze bayofika ePhafu, bafumana indoda thize lapho eyabe ingumlumbi nomphrofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe kunguBharjesu,


Ngokuba kulezi zinsuku ezedlule, kwasuka uThewuda wazenza umuntu omkhulu; waba nabalandeli, amadoda angaba ngama-400. Wabulawa, kwathi bonke abamlalelayo, bahlakazeka baphela nya.


Ozikhulumela ngokwakhe ufuna udumo lwakhe, kodwa ofuna udumo lwalowo omthumileyo, lowo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.


“ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.


Babemnakile ngoba isikhathi eside wayebamangalisa ngemilingo yakhe ayenzayo.


Kepha nosomlingo baseGibhithe nabo, ngemilingo yabo, benza into efanayo, ngakho-ke inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akavumanga ukubadedela, njengalokhu uSimakade ayeshilo.


UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema.


Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abathandimali, abazigabisayo, abazidlayo, abahlambalazayo, abangabalaleli abazali, abangabongiyo, abahlazisayo,


omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.


Osomlingo abakwazanga ukuma phambi kukaFaro ngenxa yamathumba, ngoba nabo babehlaselwe ngamathumba nabo bonke abaseGibhithe.


Kepha u-Elimasi, umlumbi, ngokuba yigama lakhe lelo uma lihunyushwa, wamelana nabo, efuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite