Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:40 - IsiZulu 2020

40 Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azothu, ehamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wayofika eKhesariya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

40 Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:40
21 Referans Kwoze  

Ngakusasa sahamba saze safika eKhesariya, sangena emzini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye.


Kepha uFestu wabaphendula ngokuthi uPawula njengoba egcinwe eKhesariya nje, naye usazobuyela khona lapho ngokushesha.


Ekufikeni kwabo eKhesariya banika umbusi incwadi, bammisa noPawula phambi kombusi.


Induna yenkulungwane yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili, yathi kuzo: “Hlelani amabutho angama-200 ukuze alungele ukuya eKhesariya ngehora lesithathu ebusuku, nabagibele amahhashi abangama-70, nabemicibisholo abangama-200.


Kwakukhona indoda ethile eKhesariya, igama layo kunguKhorneliyu, iyinduna yekhulu yebutho okuthiwa elase-Ithaliya.


AmaFilisti awuthatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebheni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi.


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo.


Kuthe sekwedlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBhernisi bafika eKhesariya ukuyobingelela uFestu.


Esehlalile nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili noma ezilishumi, wehlela eKhesariya. Ngakusasa wahlala esihlalweni sokwehlulela, wayaleza ukuba uPawula alethwe kuye.


Kwathi uFestu esefikile esifundeni, emva kwezinsuku ezintathu, wasuka eKhesariya, wakhuphukela eJerusalema.


Abanye babafundi baseKhesariya bahamba nathi, basiyisa kuMnasoni othile waseKhuphro, umfundi omdala, esangenisa kwakhe.


UHerode esemfune waze wancama engamtholi, wabuzisisa kubalindi, wayeseyala ukuba babulawe. Yena wehla eJudiya, waya eKhesariya, wahlala khona.


Kwathi ngosuku olulandelayo bafika eKhesariya. UKhorneliyu wayebalindele, esememe izihlobo nabangani bakhe abakhulu.


Kuthe sebefakazile, balikhuluma izwi leNkosi, base bebuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.


E-Ashidodi kuyakuhlala izinhlanga ezahlukeneyo. Ngiyakukuqeda nya ukuzigqaja kwamaFilisti.


Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labakwa-Israyeli; kwasala kuphela ingxenye eGaza, eGathi, nase-Ashidodi.


Kwathi ukuba abazalwane bakuzwe lokho bamehlisela eKhesariya, base bemthumela eTharsu.


“Ngaso leso sikhathi kwema amadoda amathathu phambi kwendlu esasikuyo, ethunywe kimi, evela eKhesariya.


Kuthe esefikile eKhesariya, wakhuphuka wayobingelela ibandla, wayesehlela e-Antiyokhiya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite