Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:31 - IsiZulu 2020

31 Yona yathi: “Ngingakuqonda kanjani, uma kungekho ongichasisela khona?” Yayisimnxusa uFiliphu ukuba agibele enqoleni ahlale nayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Wathi: Ngingakwazi kanjani, ngaphandle kokuba umuntu angiqondise na? Yasicela uFiliphu ukuthi akhwele ahlale layo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Wathi: Ngingakwazi kanjani, ngaphandle kokuba umuntu angiqondise na? Yasicela uFiliphu ukuthi akhwele ahlale layo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:31
20 Referans Kwoze  

Kepha bayakukhuleka kanjani kulowo abangakholwa nguye na? Bayakukholwa kanjani kuye bengezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani kungekho oshumayelayo na?


Uma umuntu ecabanga ukuthi wazi okuthile, akakazi njengokuba kufanele ukuba azi.


Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nobubi okukini, namukele ngobumnene izwi elitshalwe kini, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.


noyisicebi azituse ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba uyakushabalala njengembali yotshani.


Makungabi bikho ozikhohlisayo: uma kukhona umuntu phakathi kwenu othi uhlakaniphile kulesi sikhathi, makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo ongawemukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.”


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayukuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayukuduka kuyo.


ngaba yisiphukuphuku, angaze ngazi lutho, ngaba yisilwane kuwe.


Wayesethi: “Inhliziyo yami ibingenawe yini lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza na? Yiso yini isikhathi sokwamukela izingubo, iminqumo, izivini, izimvu, izinkomo, izinceku, nezincekukazi na?


Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe, wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha.


UFiliphu wagijima wasondela kuyo, wayizwa ifunda umphrofethi u-Izaya, wayesethi kuyo: “Uyakuqonda yini lokho okufundayo na?”


Kepha isahlukwana sombhalo eyayisifunda yilesi esithi: “Njengewundlu liyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ithule phambi komgundi wayo, akawuvulanga umlomo wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite