Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:23 - IsiZulu 2020

23 ngokuba ngiyabona ukuthi ugcwele umona futhi uyisigqila sobubi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo, nasesibophweni sobubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo, nasesibophweni sobubi.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:23
18 Referans Kwoze  

“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Qaphelisisani ukuba kungabi bikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande yimbe ebabayo, inidunge, abaningi bangcole ngenxa yayo.


UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo owenza isono, uyisigqila sesono.


Babathembisa inkululeko, kodwa bona luqobo bayizigqila zenkohlakalo, phela lokho okumehlulayo umuntu, uyisigqila sakho.


Uma ngempela uNkulunkulu engazange aziyeke izingelosi ezona, kodwa wazilahla kwalasha, emigodini yesigayegaye sobumnyama, ziboshwe ngamaketango, ukuze zigcinwe lapho futhi zilethwe ekwehlulelweni,


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami nokuba ngumhambuma, kufana nenhlaba nenyongo.


Wakhe udonga, wangibiyela ngobuthi nobunzima.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakubondla laba bantu ngemifino ebabayo, ngibaphuzise amanzi anobuthi.


“Ukuziphatha kwakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; lokhu kungenxa yokukhohlakala kwakho, ngokuba umunyu ufinyelele enhliziyweni yakho.”


Manje maningedeleli funa izibopho zenu ziqiniswe, ngokuba ngisizwile isimemezelo sokubhubhisa wonke umhlaba, siqhamuka eNkosini uSimakade Wamabandla.


Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.


nokho ukudla kwakhe kuyomphendukela esiswini, kube ngubuthi bezimfezi ezibilini zakhe.


Makususwe kini bonke ubumunyu, intukuthelo, ulaka, umsindo, ukuhlambalaza, nakho konke okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite